Engathi kukhona abadidisayo...

Empeleni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu, nasemsakazweni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu. Ngokwazi kwami yinsango. Loku okuthi yinsangu kwafika maphakathi kwonyaka wa-2017 kuye kunyaka wa-2021... manje abantu ngibona beqhubeka bebhala bethi insango njengenjwayelo kusukela kunyaka wa-2024. Ngoba insangu engathi kumele kube wuhlanga labantu oluthile. Nakwezinye izilimi zesiNguni kuthiwa yinsango. 


Ngazi kuthiwa wumongameli kusukela kudala, kwathi futhi ngonyaka wa-2016 kwaba khona abantu abaqala bethi wumengameli. Yini umengameli? Ngoba leli gama lisuka egameni elithi umuwongameli (owonga izwe elithile). Umengameli ke ngeke sazi ukuthi yini. Ngoba nakwisiNdebele wumongameli.

Amazwana

Imibhalo efundwe kakhulu

Izinkathi zonyaka.

Okudala amazinga wokushisa aphakame emuhlabeni nezixazululo.

Isiqhingi se-St. Helena