M'hlasimbe akunakekile, kodwa kukhona izinkomba...
Engikusolayo wukuthi abam'hlophe sebebonile ukuthi ubuningi lwabantu abansundu eNingizimu Afrika libanqobile. Ngakho-ke sebecabanga ukuzakhela izwe labo elihlukene neNingizimu Afrika, lapho abazozishayela khona imithetho, baphile ngendlela yabo. Bekusezindabeni ukuthi abe-Afriforum basezinkulum'weni noMongameli u-Trump eMelika mayelana nesimo abaphila ngaso eNingizimu Afrika. Kungenzeka abam'hlophe eNingizimu Afrika baphiwe izikhali wu-Trump uma behlangana nempi eNingizimu Afrika. Loku kusho ukuthini kuthina sizwe esinsundu? Kungenzeka ukuthi kube namazwe amabili amasha. Ukuthi kuzophela-nya ngeNingizimu Afrika na, ngeke sibe nesiqiniseko. Kungenzeka ukuthi abansundu basale nengxenye esempumalanga neNingizimu Afrika kuphela uma abaholi bezwe bengayifuni impi.