M'hlasimbe akunakekile, kodwa kukhona izinkomba...

Engikusolayo wukuthi abam'hlophe sebebonile ukuthi ubuningi kwabantu abansundu eNingizimu Afrika libanqobile. Ngakho-ke sebecabanga ukuzakhela izwe labo elihlukene neNingizimu Afrika, lapho abazozishayela khona imithetho, baphile ngendlela yabo. 

Bekusezindabeni ukuthi abe-Afriforum basezinkulum'weni noMongameli u-Trump eMelika mayelana nesimo abaphila ngaso eNingizimu Afrika. 

Kungenzeka abam'hlophe eNingizimu Afrika baphiwe izikhali wu-Trump uma behlangana nempi eNingizimu Afrika. 

Loku kusho ukuthini kuthina sizwe esinsundu? 
Kungenzeka ukuthi kube namazwe amabili amasha. Ukuthi kuzophela-nya ngeNingizimu Afrika na, ngeke sibe nesiqiniseko. 


Kungenzeka ukuthi abansundu basale nengxenye esempumalanga neNingizimu Afrika kuphela uma abaholi bezwe bengayifuni impi.

Amazwana

Imibhalo efundwe kakhulu

Izinkathi zonyaka.

Isiqhingi se-St. Helena

Okudala amazinga wokushisa aphakame emuhlabeni nezixazululo.