Izinkathi zonyaka.
Um'hlaba njengoba uzungeza ilanga kanye ezinsuk'wini ezingama-365 (365 1/4 noma 365.25 ngokubala kwabafunda ngezemikhathi), uzungeza utshekile okudala ukuthi izinsuku zibe zimfushane kumbe zibe zinde ngezikhathi ezehlukene zonyaka.
Izinsuku ezim'qoka ngonyaka (kwikhalenda lesiNgisi) esivamise ukuziqaphela yilezi:-
21 kuNdasa: Um'hlaba usuke umaqondana isisu nelanga, ingxenye eseningizimu nengxenye esenyakatho zibhekene nelanga ngokulingana. Ubude bezinsuku zengxenye esenyakatho nom'hlaba bulingana nengxenye eseningizimu nom'hlaba. Loku sikwazi njengenkwindla.
21 kuNhlangulana: Kusuke kutsheke ingxenye esenyakatho, itshekele elangeni, okudala izinsuku zengxenye eseningizimu nom'hlaba zibe zimfushane. Loku sikwazi njengobusika.
21 kuMandulo: Zisuke zibhekene nelanga ngokulingana izingxenye ezasenyakatho naseningizimu zom'hlaba futhi, okudala izinsuku zilingane enyakatho naseningizimu nom'hlaba, kodwa sekuqala ukufudumala. Loku sikwazi njengentwasahlobo.
Amazwana
Thumela amazwana