Izinkathi zonyaka.

Um'hlaba njengoba uzungeza ilanga kanye ezinsuk'wini ezingama-365 (365 1/4 noma 365.25 ngokubala kwabafunda ngezemikhathi), uzungeza utshekile okudala ukuthi izinsuku zibe zimfushane kumbe zibe zinde ngezikhathi ezehlukene zonyaka. 

Umuhlaba uyindingiliza uma utshekile emikhathini.

Izinsuku ezim'qoka ngonyaka (kwikhalenda lesiNgisi) esivamise ukuziqaphela yilezi:- 

21 kuNdasa: Um'hlaba usuke umaqondana isisu nelanga, ingxenye eseningizimu nengxenye esenyakatho zibhekene nelanga ngokulingana. Ubude bezinsuku zengxenye esenyakatho nom'hlaba bulingana nengxenye eseningizimu nom'hlaba. Loku sikwazi njengenkwindla. 

21 kuNhlangulana: Kusuke kutsheke ingxenye esenyakatho, itshekele elangeni, okudala izinsuku zengxenye eseningizimu nom'hlaba zibe zimfushane. Loku sikwazi njengobusika. 

21 kuMandulo: Zisuke zibhekene nelanga ngokulingana izingxenye ezasenyakatho naseningizimu zom'hlaba futhi, okudala izinsuku zilingane enyakatho naseningizimu nom'hlaba, kodwa sekuqala ukufudumala. Loku sikwazi njengentwasahlobo. 

21 kuZibandlela: Njengoba kuvamise ukushisa, ingxenye eseningizimu isuke itshekele kancane ngasecaleni lelanga bese esenyakatho ingxenye itshekele kwelinye icala elifulathela ilanga. Loku kudala ihlobo eningizimu nom'hlaba, kube wubusika enyakatho nom'hlaba. 

Amazwana

Imibhalo efundwe kakhulu

Okudala amazinga wokushisa aphakame emuhlabeni nezixazululo.