Okuthunyelwe

Ibonisa okuthunyelwe kusuka ku-Meyi, 2025

Izelaphi zendalo.

Isithombe
• Uju lusiza emagcikwaneni.  • Uju luyasiza ekupholiseni izilonda.  • Uju luyasiza uma ukhohlela noma kubuhlungu umuphimbo.  • Uju luyasiza ekuvimbeleni ukungcola okusemuzimbeni kungawulimazi umuzimba.  • Uju luyasiza uma unezilonda esiswini noma uma isisu siba nomoya.  • Uju aluboli.  • Amathonsi oju amubalwa ayakwazi ukuvala isikhala sokudla sosuku olunye.  • Intsango isiza ekulapheni izinhlungu.  • Intsango isiza uma ugula uphalaza.  • Intsango isiza uma unokukhathazeka noma ungakwazi ukulala.  • Intsango isiza uma kulimele ingqondo okudala ukujuxuza kwomuzimba.  • Amafutha enziwa ngensangu ayawulapha umudlavuza.  • Isithombe ngezansi sikhombisa okunye okwakhiwa ngentsango.  OKUNYE OKUNGASISIZA UMA SIKUTSHALA/SIKUSEBENZISA: 

Engathi kunzima ukuba yiphoyisa.

Abanye bake bafise ukuba ngamaphoyisa ngoba befisa ukubamba um'thetho, babophe abafisa ukubabopha. Kodwa engathi akulula ukuba yiphoyisa. Kuyaziwa ukuthi ezindaweni ezinobugebengu izinga lokufa kwamaphoyisa livamise ukuba phezulu. Izigebengu zike ziwanake amanye amaphoyisa ukuthi ahlalaphi nokuthi ahamba ziphi izindlela ukuze ziwagebenge noma ziwabulale. Uma ufisa ukuba yiphoyisa, engathi kumele uzilungisele ukubhekana nezigebengu ezinezibhamu nezinobuchwepheshe. Lapho futhi kumele umelane nemibhikisho evamise ukuba nomusindo nodlame. Yingakho, ngokubona kwami, ukuqeqeshwa kwamasosha namaphoyisa kumele kufane ngoba womabili amasosha namaphoyisa ababuye babhekane nezimo ezifanayo.  Amaphoyisa athele othulini abalisa abane ‘abayingozi’ eMlazi