Engathi kunzima ukuba yiphoyisa.
Abanye bake bafise ukuba ngamaphoyisa ngoba befisa ukubamba um'thetho, babophe abafisa ukubabopha. Kodwa engathi akulula ukuba yiphoyisa. Kuyaziwa ukuthi ezindaweni ezinobugebengu izinga lokufa kwamaphoyisa livamise ukuba phezulu. Izigebengu zike ziwanake amanye amaphoyisa ukuthi ahlalaphi nokuthi ahamba ziphi izindlela ukuze ziwagebenge noma ziwabulale. Uma ufisa ukuba yiphoyisa, engathi kumele uzilungisele ukubhekana nezigebengu ezinezibhamu nezinobuchwepheshe. Lapho futhi kumele umelane nemibhikisho evamise ukuba nomusindo nodlame. Yingakho, ngokubona kwami, ukuqeqeshwa kwamasosha namaphoyisa kumele kufane ngoba womabili amasosha namaphoyisa ababuye babhekane nezimo ezifanayo.
Amazwana
Thumela amazwana