Okuthunyelwe

I-Bantu Migration

Isithombe
Izilimi zethu lapha eNingizimu Afrika uma uzibheka umusuka wazo, nokuphucuka kwezizwe - kuveza ukuthi sivela enyakatho. Ubudala besizwe ububona ngokuphucuka kwaso. Lento abathi yi-Bantu Migration ngama-anthropologist (abacwaninga ukuphila kwabantu emandulo) ikhona. Nayo i-carbon dating (ukuhlola ngamalahle ent'weni ukubona ukuthi yindala kangakanani) wubuchwepheshe okuphambili okugeja kancane eminyakeni wesikhali noma izinto ezakhiwa ngabantu. Ngakho-ke, noma kuthiwa baqamba amanga - sinabo ubuchwepheshe bokuthi singazibhekela nathi ukuthi baqamba amanga na. Vele, kwona loku esekuthiwa yi-Bantu Migration (kumbe i-Bantu Expansion) akulona lodwa uhambo lwabantu olake lenzeka emandulo, KADE sihamba zonke izingxenye nezikhotha lapha e-Afrika (KwaTu).  M'hlawumbe uma umuntu ekubuza ukuthi uke uye yini edolobheni uzothi "Yebo", akuvamise ukubuza ukuthi uye kangakhi. Nathi, uzothola ukuthi kade siyihamba iNingizimu Afrika kodwa kwabhek'wa uhambo lwethu olwen...

Umusuka wegama elithi "makoti"...

Isithombe
Naku engikubone kuleli sonto. Kade bekhankasa ukuthi igama elithi "makoti" lisuka kwisiBhunu, liqonde ukuthi " maak ons tee ." Kodwa kwakhishwa isichazamagama, kwavela obala.  Igama elithi "Makoti" (Makhoti) lisuka kwizilimi zesiThefuya nesiTekela, lifana negama elithi "Mkhozi" (Mukhozi) nam'hlanje.  Itshitshi lalishiya uzalo/umndeni ukuyoKHONZA (noma UKUKHOZA), seliwumfazi lisebenze ekwakheni umuzi womndeni elishadele kuwo. Umndeni wom'lisa akhiphe ilobolo ukubonga umndeni wetshitshi ukuthi badedele indondakazi yabo iyoba wumfazi komunye umuzi.  NgesiTsonga, nesiLala nesiPhuthi babethi wukukhota (ukukhonza), kwavela lapho elithi "makhoti". 

IPOLITIKI: Iqhinga lokwenza inhlekisa ngentuthuko.

Isithombe
Naku engikusolayo, ipolitiki yezwe isaxhaswe ngosozimali ekuthiwa bahlala e-Stellenbosch. Kulabo bakhona abagadla ngowake waba wumongameli weNingizimu Afrika u- Jacob Zuma ukuthi uma sebebona intuthuko iba yiningi kubansundu, bathi ukufaka uZuma esikhundleni sobuholi ukubuyisela abantu emumva. Kusayizinsolo, isiqiniseko nofakazi akukabi kho.  Izinguquko zobuholi eqenjini iMKP zishiye abaningi bedidekile   July Unrest 2021

Izigodi ezikhethekile neningi labantu abahlala kuzo.

Anginaso isiqiniseko sokuthi yisibalo sabantu esangomuphi unyaka lesi kulezi zigodi kodwa ngisola ukuthi ngesangonyaka we-2021.  EThek'wini ~ 3 100 000  KwaMagebhula / KwaMpanza ( Soweto ) ~ 1 700 000 Em'gungundlovu ~ 751 000  E-Benoni ~ 605 000  EThembisa ~ 512 000  EMadadeni ~ 405 000  Um'lazi ~ 404 811 E-Brakpan ~ 306 000  Emalahleni ~ 262 000  EMandlazini ( Richard's Bay) ~ 253 000  E-Vanderbijlpark ~ 247 000  KwaThema ( Springs ) ~ 186 000  EM'hluzi ( Middelburg ) ~ 155 000  Ebaqulisini ( Vryheid ) ~ 150 000  Embalenhle ~ 142 000  E-Nigel ~ 141 000  EMpumalanga ~ 140 000  E-Secunda ~ 114 000  Kwadukuza - 105 000  ENtabazwe ~ 103 000  EM'nambithi ~ 91000  EM'bango ( Port Shepstone ) ~ 87000  EM'zim'hlava ~ 85000  EShay'ingwe / EThalana ( Dundee ) ~ 83000  The Zulu World

Engathi kukhona abadidisayo...

Isithombe
Empeleni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu, nasemsakazweni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu. Ngokwazi kwami  yinsango . Loku okuthi yinsangu kwafika maphakathi kwonyaka wa-2017 kuye kunyaka wa-2021... manje abantu ngibona beqhubeka bebhala bethi  insango  njengenjwayelo kusukela kunyaka wa-2024. Ngoba  insangu  engathi kumele kube wuhlanga labantu oluthile. Nakwezinye izilimi zesiNguni kuthiwa yinsango.  Ngazi kuthiwa wumongameli kusukela kudala, kwathi futhi ngonyaka wa-2016 kwaba khona abantu abaqala bethi wumengameli. Yini umengameli? Ngoba leli gama lisuka egameni elithi umuwongameli (owonga izwe elithile). Umengameli ke ngeke sazi ukuthi yini. Ngoba nakwisiNdebele wumongameli.

Amagama ahlobene.

Amagama odinga ukuwazi ukuthi ahlobene kumulando wesintu nesiNguni.  Igama mbo-/-mbo-/-mbo :  • Ukumboza ~ Ukufihla noma ukuvalela into ethile. • Ilumbo ~ Yinto exakayo engajwayelekile, evamise ukuhlobaniswa nokuthakatha. | Into evamise ukuvela njalo kodwa kayijwayeleki.  • Kwathi mbo! ~ Ukwehlel'wa wubum'nyama. | Ukwehlulwa/ukumboz'wa/ukuvalelwa yinto.  Igama qa-/-qa-/-qa :  • Inqaba ~ Ukuhlangana kwezinto/izinhlanga eziningi. | Inkinga noma impica.  • Ukunqaba ~ Ukuphikisa, ukungavumi noma ukuvimbezela.  • Ukuqala ~ Ukususa into noma ukuba wuwena wedwa ukufika nento ezweni.  • Umuqala ~ Yilungu lomuzimba elibambe ikhanda ukuthi lixhumane nomuzimba.  • Izingqa ~ Umumumva. | Indunu.  Igama zi-/-zi-/-zi :  • Us'wazi - Um'zaca/induku encane esetshenziswa ukushaya izingane ezigangayo noma ezonakele.  • Us'uwazi? ~ Use uwazi?  • Ulwazi ~ Ukukhumbula izenzo nezinto ezithile zomuhlaba. • Ukuziyela ~ Ukuhamba uye endaweni....

Ukuma kwomuhlaba.

Isithombe
Ukuma kwomuhlaba ("Geography" ngesiNgisi). Intaba: Yitshe elikhulu kunawo wonke elibheka esibhakabhakeni. Ulwandle: Yindawo enamanzi amaningi amuncu, angaphuzeki.  Impophoma: Yindawo lapho umufula ephumela emaweni. Intaba yeqhwa: Yiqhwa oluqine kwaze kwadlula isikhathi eside laqoqana laba njengentaba. Intabamulilo: Yintaba ephuma itshe elincibilikile, elikhanyayo, elibomvu njengomulilo.  Isiqhingi seqhwa: Isiqhingi seqhwa, yiqhwa oluqoqene oluningi oluvamise ukuntanta olwandle.  Umufudlana: Wumufula omuncane ovamise ukuhlangana neminye imifudlana kwenze umufula.  Inkundla yeqhwa: Yinkundla eneqhwa / uthafa oluneqhwa.  Impumamusi: Wumugodi ovamise ukuba phansi ekuphuma umusi / umuswakamo ngamandla.  Isigodi: Yindawo evulekile evamise ukukekelwa yizintaba.  Igquma: Yintaba encane evamise ukuba yisihlabathi kakhulu kunoba ibe yitshe.  Isigumbo samanzi: Yindawo ekugumbe khona amanzi, akhukhula indlela phakathi kwezintaba.  E...