Okuthunyelwe

Ibonisa okuthunyelwe kusuka ku-Juni, 2025

Umuntu om'nyama akamuthembi omunye umuntu om'nyama.

Kungekudala, bekukhalwa ngokuthi lapha endaweni y e-SADC sithenga izinto phesheya esivele sinazo emazweni ethu. Bayakhala manje bathi, "Yini singathengi kubantu abansundu, sincame eMelika, Eshiya naseYurophu." Yini edala wena njengo muntu onsundu uthembe into epheth'we wumuntu wolunye ubala, ungathembi into epheth'we womunye umuntu onsundu? Asihlelekile njengabansundu noma kudalwa wukuthi abam'hlophe bahleleke kangcono? Uma kunjalo njengosomabhizinisi noma isisebenzi esinsundu, kumele udale ukuthi uthembeke. Asiwathembi amafutha ako-Angola ngoba asiboni ukuthi benza njani ngokuqhathanisa ngendlela ekuhluzwa ngawo amafutha kumazwe anjengoSawudi Arabhiya. Kumele senze ngendlela ebonakalayo nengacashile ukukhombisa ukuthi asenzi izinto ngendlela ekungeyona ngoba sesiyazi ukuthi kasithenjwa. Ngoba uma uzofika uwuwena nje njengomuntu onsundu, kumele wazi ukuthi awuthembeki kubantu abazonke inzinhlanga namabala zisuka. Kumele sifike nomuqondo wokuphika icala zisuka nge...