Umuntu om'nyama akamuthembi omunye umuntu om'nyama.

Kungekudala, bekukhalwa ngokuthi lapha endaweni ye-SADC sithenga izinto phesheya esivele sinazo emazweni ethu. Bayakhala manje bathi, "Yini singathengi kubantu abansundu, sincame eMelika, Eshiya naseYurophu." Yini edala wena njengo muntu onsundu uthembe into epheth'we wumuntu wolunye ubala, ungathembi into epheth'we womunye umuntu onsundu? Asihlelekile njengabansundu noma kudalwa wukuthi abam'hlophe bahleleke kangcono? Uma kunjalo njengosomabhizinisi noma isisebenzi esinsundu, kumele udale ukuthi uthembeke. Asiwathembi amafutha ako-Angola ngoba asiboni ukuthi benza njani ngokuqhathanisa ngendlela ekuhluzwa ngawo amafutha kumazwe anjengoSawudi Arabhiya. Kumele senze ngendlela ebonakalayo nengacashile ukukhombisa ukuthi asenzi izinto ngendlela ekungeyona ngoba sesiyazi ukuthi kasithenjwa. Ngoba uma uzofika uwuwena nje njengomuntu onsundu, kumele wazi ukuthi awuthembeki kubantu abazonke inzinhlanga namabala zisuka. Kumele sifike nomuqondo wokuphika icala zisuka ngenxa yobala lethu nom'lando. 

Phezu kwaloku futhi, kasifuni ukuthi umuntu om'nyama athuthuke. Sinokuthathana kancane njengabantu abansundu. Loku kudalwa yiko ukuthi iningi lethu alifundile, asivamise ukuthola imfundo ephakeme eyodala ukuthi silazi izwe lethu - ukuthi lipheth'we wobani nokuthi lisebenza kanjani. Nabo abaholi, abanaso isizathu sokuthi basicabangele ngoba nabo basibona singeyilutho ngoba bazibonela amaqaba. Uma abaholi bebona onsundu efundile, ababi nokuthi, "Lomuntu angasiza izwe, angimusize kukhona ngizomusebenzisa endaweni ethile." Bazibonela iqaba nje elathola iqathana lenyama, hhayi umuntu ozosebenzela isizwe. Kucwaswana nangezinhlanga phakathi kithi bantu abansundu, inkinga nayo engaxazululwa ngokuhlela kabusha imingcele

Amazwana

Imibhalo efundwe kakhulu

Izinkathi zonyaka.

Okudala amazinga wokushisa aphakame emuhlabeni nezixazululo.