Okuthunyelwe

Ibonisa okuthunyelwe kusuka ku-Agasti, 2025

Ngeke sibenze lutho...

Kukhona amazwe afuna ukusenzela phansi njengabantu abansundu ezwenikazi lakwatu (e-Afrika). Loku bakwenza kalula ngokuthenga abaholi abaphethe izwe. Uzozwa um'holi ebizelwa phesheya, kukhulunywe okuningi okufihliwe kwizintatheli, ubone sekuthiwa igolide, i-platinum nokunye kuyiswa ezweni elingaphandle kungakhokhiwanga lutho.  Amazwe aphucukile phesheya asebenzisa um'notho nezikhali ukuloku enyonyoba ezama ukuthenga abaholi base-Afrika. Uma bevuma ukuthi bathengwe labaholi bethu, bayanconywa phesheya - uma bephika, ubona sekuthiwa kunamahlazo aphumayo ngabo, kuthiwe banenkohlakalo kumbe bantshontsha izimali nokunye. Kumele siqaphele.  Ngeke sibenze lutho vele njengamazwe angaphucukile kwatu, ngoba kunamazwe asidlula kakhulu kwezomunotho nezikhali. Siphila ethembeni lokuthi abaholi bethu ngeke basidayise.  Isibalo esingaphezu kwesigidi sabantu safa ngenxa yengculaza eNingizimu Afrika.

Iqiniso lamahhala.

Isithombe
Ngike ngibone abaholi e-Afrika bekhuluma, ngamazwi akhanyayo, ngabaholi abakwamanye amazwe. Asazi noma bayabona yini ukuthi labantu baqala ngokuzibheka bona namazwe abo bengakanaki amanye amazwe. Baqala ngokwakha um'notho, ukudla, ezobuchwepheshe nezikhali emazweni abo bese benaka amanye amazwe kamuva. Thina sinakana nazo zonke izinhlanga ezingeke zisisize ngalutho kunokuba siqondane nokuthi yini ezosiza thina mathupha - bukhoma. Sinakana nezinto ezilena kude nathi. Sinakana nomakhelwane nemigwaqo engale kwezwe kodwa siyalamba. Kasihlelekile. Izwe liqalwa:  1) Ngemincele.  2) Ukuzivikela (amasosha).  3) Ezolimo nemfuyo.  4) Ukuqiniseka ukuthi wonke umuntu unendawo yokuhlala.  Okuza emuva kwaloku, kuzoya ngokuthi izwe nezwe lizifunelani lona. Ukuma kwamabhangi, ezokuthutha nezobuchwepheshe kufika sekuqinisekisiwe ukuthi izwe alimane lingenwe yinoma wubani nje mawala. Manje uma sizonaka okwamanye amazwe, okusibiza izigidi zezimali, kusihlekisa ngamazwe aphucukile....