Ngeke sibenze lutho...
Kukhona amazwe afuna ukusenzela phansi njengabantu abansundu ezwenikazi lakwatu (e-Afrika). Loku bakwenza kalula ngokuthenga abaholi abaphethe izwe. Uzozwa um'holi ebizelwa phesheya, kukhulunywe okuningi okufihliwe kwizintatheli, ubone sekuthiwa igolide, i-platinum nokunye kuyiswa ezweni elingaphandle kungakhokhiwanga lutho. Amazwe aphucukile phesheya asebenzisa um'notho nezikhali ukuloku enyonyoba ezama ukuthenga abaholi base-Afrika. Uma bevuma ukuthi bathengwe labaholi bethu, bayanconywa phesheya - uma bephika, ubona sekuthiwa kunamahlazo aphumayo ngabo, kuthiwe banenkohlakalo kumbe bantshontsha izimali nokunye. Kumele siqaphele. Ngeke sibenze lutho vele njengamazwe angaphucukile kwatu, ngoba kunamazwe asidlula kakhulu kwezomunotho nezikhali. Siphila ethembeni lokuthi abaholi bethu ngeke basidayise. Isibalo esingaphezu kwesigidi sabantu safa ngenxa yengculaza eNingizimu Afrika.