Iqiniso lamahhala.
Ngike ngibone abaholi e-Afrika bekhuluma, ngamazwi akhanyayo, ngabaholi abakwamanye amazwe. Asazi noma bayabona yini ukuthi labantu baqala ngokuzibheka bona namazwe abo bengakanaki amanye amazwe. Baqala ngokwakha um'notho, ukudla, ezobuchwepheshe nezikhali emazweni abo bese benaka amanye amazwe kamuva. Thina sinakana nazo zonke izinhlanga ezingeke zisisize ngalutho kunokuba siqondane nokuthi yini ezosiza thina mathupha - bukhoma. Sinakana nezinto ezilena kude nathi. Sinakana nomakhelwane nemigwaqo engale kwezwe kodwa siyalamba. Kasihlelekile. Izwe liqalwa:
1) Ngemincele.
2) Ukuzivikela (amasosha).
3) Ezolimo nemfuyo.
4) Ukuqiniseka ukuthi wonke umuntu unendawo yokuhlala.
Okuza emuva kwaloku, kuzoya ngokuthi izwe nezwe lizifunelani lona. Ukuma kwamabhangi, ezokuthutha nezobuchwepheshe kufika sekuqinisekisiwe ukuthi izwe alimane lingenwe yinoma wubani nje mawala. Manje uma sizonaka okwamanye amazwe, okusibiza izigidi zezimali, kusihlekisa ngamazwe aphucukile.
Amazwana
Thumela amazwana