Okuthunyelwe

Ibonisa okuthunyelwe kusuka ku-Septhemba, 2025

Isiqhingi se-St. Helena

Isithombe
Lesi yisiqhingi esime phakathi nolwande lwe-Atlantic, esiseduze neziqhingi zase-Ascension nase-Tristan da Cunha. Yilapho ekwadingiswa khona iSilo saseFuransi u-Napoleon.  Isiqhingi se-St. Helena sibuye saziwe njengesiqhingi ekwayiswa khona iSilo uDin'izulu kaCetshwayo neSilo uPhumuz'uZulu Solomon kaDin'izulu.  ISilo uDin'izulu kaCetshwayo sadingiswa e-St. Helena ngonyaka we-1889 ngemuva kwokuthi siboshelwe icala lokujikela izwe lamaNgisi nodlame. Wahlala khona iminyaka ecishe ibe yisishiyagalombili, waze wakhululwa ngonyaka we-1897 lapho izwe elashiyiwa ngamaNgisi njenge-Zululand lihlanganiswa nekoloni ye-Natal. Ngesikhathi esasekudingisweni wayevumeleke ukuthi abe nebandla labantu abangamashumi amabili, ekwakuhlangene namakhosikazi wakhe nomalume bakhe. Wahlalisana nomuphakathi wase-St. Helena waze wafunda ukubhala isiNgisi nokudlala uphiyano no-organ.  ISilo uDin'izulu kaCetshwayo.  ISilo u-Solomon kaDin'izulu wazalelwa khona esiqhingini sase-St....

Ukubala imininingwane kwezemidlalo.

Ngisanda ukuzwa enye into ekhathazayo lana; emidlalweni - kakhulukazi eyezikole - ababala imininingwane yomudlalo bavamise ukungabali kahle. Uma kugijinywa iwashi basheshe baliqale ukuze um'gijimi kube engathi ugijima kancane bese kuthi kwigaqa lakunobhutshuzwayo kumbe eminye imidlalo edlalwa ngegaqa bangabali kahle amaphuzu uma bengamuthandisisi umudlali othile. Ngaloku, ngixwayisa ukuthi uma ingane yakho kumbe wena qobo ufuna ukuba wumudlali ozoba semabangeni aphezulu, ahola imali, kukhulunywe nangamankontileka - uzibalele amaphuzu, uziqophe nokuthi udlala kanjani. Ngoba kuyenzeka ubalelwe amaphuzu wumuntu okuzondayo. Nabo abadlali asebefikile emabangeni aphezulu wezemidlalo kuyobasiza ukuziqopha uma bedlala, bazibheke ukuthi basize kangaphi ekutholeni amaphuzu nokuthi basize kanjani emidlalweni kunokuba bayekele abanye ukuthi bababalele. Ngoba kuyenzeka kube namaphutha nokuthi kungabal'wa kahle ngenxa yezizathu ezehlukene.