Isiqhingi se-St. Helena
Lesi yisiqhingi esime phakathi nolwande lwe-Atlantic, esiseduze neziqhingi zase-Ascension nase-Tristan da Cunha. Yilapho ekwadingiswa khona iSilo saseFuransi u-Napoleon.
Isiqhingi se-St. Helena sibuye saziwe njengesiqhingi ekwayiswa khona iSilo uDin'izulu kaCetshwayo neSilo uPhumuz'uZulu Solomon kaDin'izulu.
ISilo uDin'izulu kaCetshwayo sadingiswa e-St. Helena ngonyaka we-1889 ngemuva kwokuthi siboshelwe icala lokujikela izwe lamaNgisi nodlame. Wahlala khona iminyaka ecishe ibe yisishiyagalombili, waze wakhululwa ngonyaka we-1897 lapho izwe elashiyiwa ngamaNgisi njenge-Zululand lihlanganiswa nekoloni ye-Natal. Ngesikhathi esasekudingisweni wayevumeleke ukuthi abe nebandla labantu abangamashumi amabili, ekwakuhlangene namakhosikazi wakhe nomalume bakhe. Wahlalisana nomuphakathi wase-St. Helena waze wafunda ukubhala isiNgisi nokudlala uphiyano no-organ.
ISilo u-Solomon kaDin'izulu wazalelwa khona esiqhingini sase-St. Helena ekudingisweni kwayise, iSilo uDin'izulu. ISilo uSolomon wuyena owaqala iNkatha Yenkululeko Yesizwe ngonyaka we-1928, ukumela isizwe ezindabeni zezwe. ISilo u-Solomon saba yinkosi yesizwe samaZulu ngonyaka we-1913 kuya kunyaka we-1933, ekwakungunyaka ewakhothama ngawo.
ISilo uDin'izulu wahlala ezindaweni ezimubal'wa esasekudingisweni e-St. Helena. Izindawo ezintathu ewahlala kuzo kwakuse-:
• Rosemary Hall: Baqala ngokuhlala ehholo lase-Rosemary e-St. Pauli. Ngenxa yokuthi lendlu yayibamanzi iphinde ibande uma kuba nemvula, bahamba baya kwindlu ye-Maldivia.
• Maldivia House: Emuva kwokushiya e-Rosemary Hall, bahlaliswa endlini yase-Maldivia, phezulu ne-Jamestown. Bahlala kulendawo kwadlula isikhathi.
• Francis Plain House: Emuva kwaloko, iSilo uDin'izulu nomundeni wakhe bahlaliswa endlini yase-Francis Plain e-St. Paul, lapho obaba bakhe bahlaliswa endlini yase-Maldivia. Loku kwakudala ukuthi behlukane ngenxa yokuthi obaba bakhe babephikisana neSilo.
Amazwana
Thumela amazwana