Engathi kukhona abadidisayo...
Empeleni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu, nasemsakazweni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu. Ngokwazi kwami yinsango . Loku okuthi yinsangu kwafika maphakathi kwonyaka wa-2017 kuye kunyaka wa-2021... manje abantu ngibona beqhubeka bebhala bethi insango njengenjwayelo kusukela kunyaka wa-2024. Ngoba insangu engathi kumele kube wuhlanga labantu oluthile. Nakwezinye izilimi zesiNguni kuthiwa yinsango. Ngazi kuthiwa wumongameli kusukela kudala, kwathi futhi ngonyaka wa-2016 kwaba khona abantu abaqala bethi wumengameli. Yini umengameli? Ngoba leli gama lisuka egameni elithi umuwongameli (owonga izwe elithile). Umengameli ke ngeke sazi ukuthi yini. Ngoba nakwisiNdebele wumongameli.