Okuthunyelwe

Engathi kukhona abadidisayo...

Isithombe
Empeleni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu, nasemsakazweni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu. Ngokwazi kwami  yinsango . Loku okuthi yinsangu kwafika maphakathi kwonyaka wa-2017 kuye kunyaka wa-2021... manje abantu ngibona beqhubeka bebhala bethi  insango  njengenjwayelo kusukela kunyaka wa-2024. Ngoba  insangu  engathi kumele kube wuhlanga labantu oluthile. Nakwezinye izilimi zesiNguni kuthiwa yinsango.  Ngazi kuthiwa wumongameli kusukela kudala, kwathi futhi ngonyaka wa-2016 kwaba khona abantu abaqala bethi wumengameli. Yini umengameli? Ngoba leli gama lisuka egameni elithi umuwongameli (owonga izwe elithile). Umengameli ke ngeke sazi ukuthi yini. Ngoba nakwisiNdebele wumongameli.

Amagama ahlobene.

Amagama odinga ukuwazi ukuthi ahlobene kumulando wesintu nesiNguni.  Igama mbo-/-mbo-/-mbo :  • Ukumboza ~ Ukufihla noma ukuvalela into ethile. • Ilumbo ~ Yinto exakayo engajwayelekile, evamise ukuhlobaniswa nokuthakatha. | Into evamise ukuvela njalo kodwa kayijwayeleki.  • Kwathi mbo! ~ Ukwehlel'wa wubum'nyama. | Ukwehlulwa/ukumboz'wa/ukuvalelwa yinto.  Igama qa-/-qa-/-qa :  • Inqaba ~ Ukuhlangana kwezinto/izinhlanga eziningi. | Inkinga noma impica.  • Ukunqaba ~ Ukuphikisa, ukungavumi noma ukuvimbezela.  • Ukuqala ~ Ukususa into noma ukuba wuwena wedwa ukufika nento ezweni.  • Umuqala ~ Yilungu lomuzimba elibambe ikhanda ukuthi lixhumane nomuzimba.  • Izingqa ~ Umumumva. | Indunu.  Igama zi-/-zi-/-zi :  • Us'wazi - Um'zaca/induku encane esetshenziswa ukushaya izingane ezigangayo noma ezonakele.  • Us'uwazi? ~ Use uwazi?  • Ulwazi ~ Ukukhumbula izenzo nezinto ezithile zomuhlaba. • Ukuziyela ~ Ukuhamba uye endaweni....

Izigodi ezikhethekile neningi labantu abahlala kuzo.

Anginaso isiqiniseko sokuthi yisibalo sabantu esangomuphi unyaka lesi kulezi zigodi kodwa ngisola ukuthi ngesangonyaka we-2021.  EThek'wini ~ 3 100 000  KwaMagebhula / KwaMpanza ( Soweto ) ~ 1 700 000  Em'gungundlovu ~ 751 000  E-Benoni ~ 605 000  EThembisa ~ 512 000  EMadadeni ~ 405 000  Um'lazi ~ 404 811 E-Brakpan ~ 306 000  Emalahleni ~ 262 000  EMandlazini ( Richard's Bay) ~ 253 000  E-Vanderbijlpark ~ 247 000  KwaThema ( Springs ) ~ 186 000  EM'hluzi ( Middelburg ) ~ 155 000  Ebaqulisini ( Vryheid ) ~ 150 000  Embalenhle ~ 142 000  E-Nigel ~ 141 000  EMpumalanga ~ 140 000  E-Secunda ~ 114 000  Kwadukuza - 105 000  ENtabazwe ~ 103 000  EM'nambithi ~ 91000  EM'bango ( Port Shepstone ) ~ 87000  EM'zim'hlava ~ 85000  EShay'ingwe / EThalana ( Dundee ) ~ 83000  The Zulu World

Ukuma kwomuhlaba.

Isithombe
Ukuma kwomuhlaba ("Geography" ngesiNgisi). Intaba: Yitshe elikhulu kunawo wonke elibheka esibhakabhakeni. Ulwandle: Yindawo enamanzi amaningi amuncu, angaphuzeki.  Impophoma: Yindawo lapho umufula ephumela emaweni. Intaba yeqhwa: Yiqhwa oluqine kwaze kwadlula isikhathi eside laqoqana laba njengentaba. Intabamulilo: Yintaba ephuma itshe elincibilikile, elikhanyayo, elibomvu njengomulilo.  Isiqhingi seqhwa: Isiqhingi seqhwa, yiqhwa oluqoqene oluningi oluvamise ukuntanta olwandle.  Umufudlana: Wumufula omuncane ovamise ukuhlangana neminye imifudlana kwenze umufula.  Inkundla yeqhwa: Yinkundla eneqhwa / uthafa oluneqhwa.  Impumamusi: Wumugodi ovamise ukuba phansi ekuphuma umusi / umuswakamo ngamandla.  Isigodi: Yindawo evulekile evamise ukukekelwa yizintaba.  Igquma: Yintaba encane evamise ukuba yisihlabathi kakhulu kunoba ibe yitshe.  Isigumbo samanzi: Yindawo ekugumbe khona amanzi, akhukhula indlela phakathi kwezintaba.  E...

Kuhlezi kukhal'wa njalo...

Ngibona izinhlelo lana kumabonakude nasemsakazweni, abantu abansundu bakulezwe bahleli bezokhaliswa yizinto ezinkulu bese bajabuliswe ngokuncane. Inkinga bathi wukucwas'wa ngobala nenkohlakalo kubaholi kodwa sijabulis'wa ngebhola notshwala. Wokuphi okukhulu nokubalulekile kanti? Uboqaphela; kuhlezi kukhona izinkinga ezizohlezi zivela ziphinda minyaka njalo kulezwe. Iziphathimandla zethu azikaze zithi cwaka zenze umusebenzi ngohlelo okwaseJalimani. Siyohlezi sikhala, kanti futhi kukhalwa ngezinkinga esisaba ukuzixazulula - ezizophinde zivele futhi. Oyothi, "Vele kuyindalo, kumele kubenjalo" kuyobe yingoba kukhona akutholayo abanye befukuza. Thina kumele sizibheke ukuthi sisukaphi nokuthi sifuna ukuyaphi kusasa ukuze sakhe ikusasa kumanje.

Isiqhingi se-St. Helena

Isithombe
Lesi yisiqhingi esime phakathi nolwande lwe-Atlantic, esiseduze neziqhingi zase-Ascension nase-Tristan da Cunha. Yilapho ekwadingiswa khona iSilo saseFuransi u-Napoleon.  Isiqhingi se-St. Helena sibuye saziwe njengesiqhingi ekwayiswa khona iSilo uDin'izulu kaCetshwayo neSilo uPhumuz'uZulu Solomon kaDin'izulu.  ISilo uDin'izulu kaCetshwayo sadingiswa e-St. Helena ngonyaka we-1889 ngemuva kwokuthi siboshelwe icala lokujikela izwe lamaNgisi nodlame. Wahlala khona iminyaka ecishe ibe yisishiyagalombili, waze wakhululwa ngonyaka we-1897 lapho izwe elashiyiwa ngamaNgisi njenge-Zululand lihlanganiswa nekoloni ye-Natal. Ngesikhathi esasekudingisweni wayevumeleke ukuthi abe nebandla labantu abangamashumi amabili, ekwakuhlangene namakhosikazi wakhe nomalume bakhe. Wahlalisana nomuphakathi wase-St. Helena waze wafunda ukubhala isiNgisi nokudlala uphiyano no-organ.  ISilo uDin'izulu kaCetshwayo.  ISilo u-Solomon kaDin'izulu wazalelwa khona esiqhingini sase-St....

Ukubala imininingwane kwezemidlalo.

Ngisanda ukuzwa enye into ekhathazayo lana; emidlalweni - kakhulukazi eyezikole - ababala imininingwane yomudlalo bavamise ukungabali kahle. Uma kugijinywa iwashi basheshe baliqale ukuze um'gijimi kube engathi ugijima kancane bese kuthi kwigaqa lakunobhutshuzwayo kumbe eminye imidlalo edlalwa ngegaqa bangabali kahle amaphuzu uma bengamuthandisisi umudlali othile. Ngaloku, ngixwayisa ukuthi uma ingane yakho kumbe wena qobo ufuna ukuba wumudlali ozoba semabangeni aphezulu, ahola imali, kukhulunywe nangamankontileka - uzibalele amaphuzu, uziqophe nokuthi udlala kanjani. Ngoba kuyenzeka ubalelwe amaphuzu wumuntu okuzondayo. Nabo abadlali asebefikile emabangeni aphezulu wezemidlalo kuyobasiza ukuziqopha uma bedlala, bazibheke ukuthi basize kangaphi ekutholeni amaphuzu nokuthi basize kanjani emidlalweni kunokuba bayekele abanye ukuthi bababalele. Ngoba kuyenzeka kube namaphutha nokuthi kungabal'wa kahle ngenxa yezizathu ezehlukene.