Ukuma kwomuhlaba.
Ukuma kwomuhlaba ("Geography" ngesiNgisi).
Intaba: Yitshe elikhulu kunawo wonke elibheka esibhakabhakeni.
Ulwandle: Yindawo enamanzi amaningi amuncu, angaphuzeki.
Impophoma: Yindawo lapho umufula ephumela emaweni.
Intaba yeqhwa: Yiqhwa oluqine kwaze kwadlula isikhathi eside laqoqana laba njengentaba.
Intabamulilo: Yintaba ephuma itshe elincibilikile, elikhanyayo, elibovu njengomulilo.
Isiqhingi seqhwa: Isiqhingi seqhwa, yiqhwa oluqoqene oluningi oluvamise ukuntanta olwandle.
Umufudlana: Wumufula omuncane ovamise ukuhlangana neminye imifudlana kwenze umufula.
Inkundla yeqhwa: Yinkundla eneqhwa / uthafa oluneqhwa.
Impumamusi: Wumugodi ovamise ukuba phansi ekuphuma umusi / umuswakamo ngamandla.
Isigodi: Yindawo evulekile evamise ukukekelwa yizintaba.
Igquma: Yintaba encane evamise ukuba yisihlabathi kakhulu kunoba ibe yitshe.
Isigumbo samanzi: Yindawo ekugumbe khona amanzi, akhukhula indlela phakathi kwezintaba.
Egagasini: Yindawo yamanzi eseduze nogu.
Ugu olunechopha: Wugu oluphelayo phambili (isibonelo: eKapa).
Ichibi: Yisiziba samanzi esikhulu.
Uwanda: Yintaba engacijanga phezulu, eqonde njengetafula phezulu.
Umhume / Ingoja: Yindawo ewumugodi entabeni noma egqumeni.
Umuhosha: Yindawo ugunjwe wumufula kakhulu kwaze kwakheka amawa amabili ahlukaniswe wumufula.
Ixhaphosi: Yindawo evamise ukuba manzi, ibe nodaka kodwa ingabi wumufula kumbe ichibi.
Isibubulungu: Yindawo ekekeliswe amatshe wulwandle.
Ichweba: Yilapho ekudaleke khona umugodi ngasogwini, kwangena amanzi wolwandle.
Endle: Yihlathi elikhulu elivamise ukuhlala izilwane.
Ifenya: Yindawo ekekeliswe amatshe wulwandle, yacishe yaba yisiqhingi.
Ukwehlukana kwomufula: Yilapho ukugqagqana khona umufula angene ngemifudlana olwandle ("Delta" ngesiNgisi).
Isiziba samanzi: Sivamise ukuba yichibi elincanyana phakathi kwehlane esivamise ukukhula izihlahla.
Ihlane: Yindawo eyesomiso esingapheli.
Iqhuma: Yindawo ephakeme eyisihlabathi.
Intabawanda: Yintaba engacijanga phezulu, efike yaphakama yaqonda okwomugwaqo phezulu.
Umupintsho: Yilapho amanzi womufula omukhulu kumbe amanzi wolwandle aphuma ngesikhala esincane, lapho imikhumbi encenga ukungashayisi uma izophuma.
Uthafa: Yinkundla enkulu evulekile enotshani.
Ugu: Wumuhlaba okekela egagasini.
Uhlelo lweziqhingi: Yilapho ekuhleleke iziqhingi zaba ziningi phakathi nolwandle.
Isigugula: Yilapho ekugumbhe kancane ulwandle indawo eyodwa.
Isiqhingi: Wumuhlaba ozungezwe ngamanzi ekudingeka umukhumbi ukuya kuwo noma ukuhamba kuwo.
Ihlathi: Yindawo ecinene izihlahla eziningi.
Iwa: Yindawo evamise ukuba semadwaleni entaba noma ogwini, enamatshe, ephakeme kakhulu.
Umusele: Yindawo egunjiwe ukuze kuphume amanzi.
Amazwana
Thumela amazwana