Amagama ahlobene.
Amagama odinga ukuwazi ukuthi ahlobene kumulando wesintu nesiNguni.
Igama mbo-/-mbo-/-mbo:
• Ukumboza ~ Ukufihla noma ukuvalela into ethile.
• Ilumbo ~ Yinto exakayo engajwayelekile, evamise ukuhlobaniswa nokuthakatha. | Into evamise ukuvela njalo kodwa kayijwayeleki.
• Kwathi mbo! ~ Ukwehlel'wa wubum'nyama. | Ukwehlulwa/ukumboz'wa/ukuvalelwa yinto.
Igama qa-/-qa-/-qa:
• Inqaba ~ Ukuhlangana kwezinto/izinhlanga eziningi. | Inkinga noma impica.
• Ukunqaba ~ Ukuphikisa, ukungavumi noma ukuvimbezela.
• Ukuqala ~ Ukususa into noma ukuba wuwena wedwa ukufika nento ezweni.
• Umuqala ~ Yilungu lomuzimba elibambe ikhanda ukuthi lixhumane nomuzimba.
• Izingqa ~ Umumumva. | Indunu.
Igama zi-/-zi-/-zi:
• Us'wazi - Um'zaca/induku encane esetshenziswa ukushaya izingane ezigangayo noma ezonakele.
• Us'uwazi? ~ Use uwazi?
• Ulwazi ~ Ukukhumbula izenzo nezinto ezithile zomuhlaba.
• Ukuziyela ~ Ukuhamba uye endaweni.
• Izile ~ Ukusho ukufika noma ukuza kwento.
• Ukuzila ~ Ukuba nomoya ophansi, ukhumbula umuntu oshonile.
• Amanzi ~ Okumanzi, okungenamubala okuphuzwayo emifuleni nasezizibeni, okutholakala nasol'wandle.
• Ubunzima ~ Ukuba bukhuni kwezimo.
• Ukuzinza ~ Ukuhlala endaweni uqine noma ukubambelela endaweni ungasuki.
• Izi- ~ Uningi lwezinto (ezivamise ukubambeka kalula). [Qathanisa: Ama- Uningi lwezinto (ezivamise ukungathinteki kalula noma ezithinteka kudala) | Imi- ~ Uningi lwezinto (ezivamise ukusetshenziswa ngabantu abaningi).]
• Zi- ~ Kusho umuntu/abantu ukuthi benze senzo sini. | Kusho isenzo esesidlulile esenziwe ngabantu kumbe isenzo esenzi yezinye izinto okuningi.
• Umenzi ~ Wumuntu odale into ethile noma owenza isenzo esikanokusho.
Igama bu-/-bu-/-bu:
• Imvubu - Induku enkulu ekushawa ngayo abantu abaphula umuthetho, ihlukile kunesitshwebhu. | Isilwane esikhulu kodwa esincane kunendlovu, esingenaboya, esinesikhumba esinsundu esihlala emanzini kodwa esikwaziyo ukugijima esihlabathini.
• Ubu- ~ Kusho umukhuba noma inswebu eyaziwayo. | Ukuqhathanis'wa/Ukufanis'wa imikhuba.
• Isibumbu ~ Izingqa.
Igama hla-/-hla-/-hla:
• Uhlanga ~ Ugatsha lwesihlahla. | Ingxenye noma uhlanga lwento ethile. | Isitshalo esiza ile saba nekhanda elinsundu, esivamise ukuba esizibeni samanzi (sibalulekile kum'lando wakwaZulu ngoba yisona ekuthiwa samila abantu bokuqala).
• Ukufihla ~ Ukubhacisa noma ukucashisa.
• Hlangana ~ Ukubumbana noma ukubuthana.
• Ihlathi ~ Yindawo ekunezihlahla eziningi.
• Hlala ~ Ukuzinza endaweni. / Ukuphumula, ubeke umumumva phansi.
• Ukuwehla ~ Ukuyela phansi.
• Ukulahla ~ Ukuphosela kude noma ukushiya into ongasayidingi. | Ukudukisa.
• Isihlahla ~ Wokukhula emuhlabeni ekuvamise ukuba namaqabunga/amakhasi.
Igama hlu-/-hlu-/-hlu:
• Ukuhl'wa ~ Ukushona kwelanga kube m'nyama.
• Uhlu ~ Izindaba ezifingqiwe zenza udatshana olufushane. / Umugqa wezinto ezibhaliwe phansi ngohlelo.
• Izinhlungu ~ Ukunkenketha kwomuzimba.
• Ukuhlula ~ Ukunqoba.
• Isihlungu ~ Amaqhuma ahawuzelayo esikhumbeni. | Uhlobo lwomuthi wesintu.
• Ukuhlupha ~ Ukwenza umuntu noma isilwane singanemi.
• Hluba ~ Ukususa/ukuxebula okudliwayo amakhasi/isikhumba.
Igama nya-/-nya-/-nya:
• Inyama ~ Wokubambe amathambo womuntu kumbe isil'wane (kodwa okungekwona imisipha).
• Ukuba m'nyama ~ Ukuba mpisholo njengesibhakabhaka ebusuku.
• Ukunyanya ~ Ukungayifuni into.
• Ukuphela nya ~ Ukuqed'wa kwento kungasali lutho.
• Inyamazane ~ Isilwane esizingelwayo, esivamise ukuba nezimpondo esifana nenyathi.
• Nyamalala ~ Ukuphelela emoyeni.
Igama nda-/-nda-/-nda:
• Indawo ~ Wuhlangothi oluthile lomuhlaba, umuzimba kumbe okunye okukhombekayo.
• Indaba ~ Inkulumo. / Incazelo.
• Ukuwanda ~ Ukusabalala. | Ukukhula isibalo sento ibe yiningi.
• Indalo ~ Ok'wenziwe. | Imvelo.
• Ukusinda ~ Ukuba nzima ukuphatheka kwento ngezandla ngenxa yobukhulu bayo noma ubunzima bokudingida isihloko senkulumo.
Amazwana
Thumela amazwana