Okudala amazinga wokushisa aphakame emuhlabeni nezixazululo.

Okudala amazinga wokushisa aphakame emuhlabeni jikelele


• Ukushis'wa kwamafutha ambiwa phansi kwomuhlaba (kanye nogesi wamalahle). 
• Ukuphela kwamahlathi. 
• Imfuyo. 


Izixazululo

• Kunokuthi kusebenzis'we u-petrol singancama izimoto ezisebenza ngogesi, izitimela namabhasi asebenza ngogesi welanga kanye nama-truck asebenza ngalo ihwanzi kumbe ugesi welanga nawo. Ekwenzeni ugesi esiwusebenzisa emakhaya nasemadolobheni singasebenzisa ugesi womoya nowelanga bese amazwe anezimali naphambili kwezobuchwepheshe, asebenzise ugesi wenuzi. 

• Amahlathi angangabhubhiswa aqedwe nya izihlahla, kutshalwe izihlahla (ekungezona ezamanye amazwe/ezokufika) ukuzwe zithathe indawo yalezi ezisikiwe. 

• Imfuyo inzima ukuthi ingalungiswa indaba yayo ngoba inyama sizohlezi siyidinga. Kodwa mhlampe kunokuthi siyidle njalo, singayidla kabili ngesonto njengamazwe aphesheya. Kunokuthi kudliwe inyama yezilwane ezinkulu, kudliwe inyama eyezilwane ezincane. 


Loku vele ngeke kwenziwe wuwonkewonke okusho ukuthi vele amazinga wokushisa azohlezi ekhuphuka ngokukhuphuka kwesibalo sabantu emuhlabeni. Kodwa ngoba ugesi nezimoto yikwona okuhamba phambili ekudaleni ukuthi amazinga wokushisa akhuphuke, kungaqalwa ngakho. 

Amazwana

Imibhalo efundwe kakhulu

Izinkathi zonyaka.