Ipolitiki yobuhlanga.
Ngike ngibhale ngepolotiki yolwimi kodwa kukhona nepolitiki yobuhlanga. KoKhenya uyozwa kuthiwa abantu bakhetha umuntu owuhlanga lakubo uma sekuyiwa kukhetho kukheth'wa umongameli. Lento idalwa yiyo i-Berlin Conference yangonyaka 1884 ekhalendeni lesiNgisi. Lapho kwathiwa kwadwetshwa amazwe amasha kwi-map yase-Afrika. Ngenxa yokuthi izizwe ezinsundu zakwaTu zanqotshwa ngezibhamu, zahamba zawavuma lamazwe kodwa izinhlanga nezilimi zalezo zinhlanga ezanqotshwa ngezibhamu zisakhona, lapho ke ekuvuka khona ipolitiki yobuhlanga ngoba izizwe eziningi zaxutshwa zonke ezweni elisha. Umuntu acasulwe wumuntu wolunye uhlanga, ajikele bonke abalelo hlanga lalomuntu omucasulile.
KoYurophu ikhona indaba yobuhlanga kodwa bona bayihlakaniphela ngokuthi izinhlanga qobo zibe yizizwe kuthi ezindaweni ezinezizwana ezazizibusa kube yimikhandlu nezifundazwe. KoSipeyini bonke bakhuluma ulwimi olufanayo - kumbe olucishe lufane - kodwa izizwana zihlala ezindaweni eziyizifundazwe ezizakhelayo imithetho... ESipeyini bawubumbano kunokuthi babe wumubuso.
E-Eshiya abazange babe nenkinga yobuhlanga njenganathi e-Afrika ngoba bona indlela yokuzibusa kwabo iyisilungu, imingcele yabo idwetshiwe phansi. Ayishiwo ngezintaba nemifula njengamazwe ayekhona kungakafiki abelungu e-Afrika.
Amazwana
Thumela amazwana