UBaba wami...
Nayi indoda eyangizala. Indoda eyaseNqabeni ngaseZinqoleni. Lapho oMpofana abafudukela khona ezikhathini zempi. Yafundisa yaze yaba wusekela thishanhloko esikoleni owayefundisa kuso. Yaba nezimoto ezimbili (engazishayela zombili), yaba neziqu (i-degree) enyuvesi. Wayengunozinti kunobhutshuzwayo, waphinde wadlala i-tennis. Indoda lena uMnu. T. V. Mpofana yashada, yanezingane ezimbili ezazalwa ePhumula (e-Murchison).
Lendoda yasuka eNqabeni yahlala eGamalakhe ngezikhathi zobandlululo. Yaqeda izifundo zayo eMpumalanga ngaseThekwini. UBaba wayo, umukhulu wami, wazalelwa eNqabeni kodwa waya kohlala e-Mount Ayliff eMpuma Koloni. Umukhulu wabuya sezolima eNqabeni lapho ewashonela khona. Elima ngogandaganda enemfuyo, eya kodayisa izithelo ngenqola ko-Paddock.
Amazwana
Thumela amazwana