Ulwandle lwethu.
Ngibuye ngiqaphele lolulwandle oselungcola kanje. Kudlula imikhumbi njalo kulolulwandle kanti ngezinye izikhathi, lemikhumbi ibuye icithe ekuthwele. Ngezinye izikhathi lemikhumbi isuke ithwele amafutha ayowenziwa u-petrol kumanye amazwe. Lokungcola okukhona manje kodwa engathi kubuye kudalwe yinemifula, kukhona okufaka ukungcola emifuleni kuphelele olwandle.
Phezu kwaloku futhi kukhona izintambo ezingaphansi kwolwandle ezidala inxumano ezweni lonke jikelele. Zingagqashulwa wokungahamba ngaphansi kwolwandle uma singanakile. Asazi noma uhulumeni ulibhekile na lolulwandle... Ngoba kubuye kudingwe izikebhe ezizohambela kude ukuqalaza olwandle ukuthi akekho yini ophula imithetho nakhona.
Amazwana
Thumela amazwana