Uyise wengane...
Thina sizwe esinsundu sinenkinga eyodade abathathekayo, badlale abafana... Kanti futhi labantu abalala nabo odade abancane bavamise ukungabi nazo izimali zokukhokha inhlawulo. Kuthi uma ubaba wengane seyishiyile intombazane, ijike ifune umuntu wesilisa ozokhulisa lengane. Ninenkingeni ke nina enibukeka engathi nime kahle, ngoba lentombazane ezobukela nina ukuthi benifanele nibe wubaba walengane. Kanjani futhi? Lenkinga inaso isixazululo, manje azisekho izinkomo emalokishini nasemadolobheni kanti futhi amadoda afisa ukuba nezingane nokulala nosisi abancane. Kuzothiwani-ke, ngaphandle kwokuthi iyekwe indaba yenhlawulo nezinkomo kushadwe isilungu? Ngoba sekuvele kuphil'wa isilungu.
M'hlasimbe kuyohambe umuntu abone isiSulumane sifanele. Odade bafihliwe, bangayiswa ezindaweni zemfundo, uma bephuma - baphume nomuntu wesilisa wakubo kuphela. Bakhishwe bahambe ukuphela endlini odade mihla kwafika umuntu ofuna ukushada nezinkomo ziphelele.
Amazwana
Thumela amazwana