I-Bantu Migration
Izilimi zethu lapha eNingizimu Afrika uma uzibheka umusuka wazo, nokuphucuka kwezizwe - kuveza ukuthi sivela enyakatho. Ubudala besizwe ububona ngokuphucuka kwaso. Lento abathi yi-Bantu Migration ngama-anthropologist (abacwaninga ukuphila kwabantu emandulo) ikhona. Nayo i-carbon dating (ukuhlola ngamalahle ent'weni ukubona ukuthi yindala kangakanani) wubuchwepheshe okuphambili okugeja kancane eminyakeni wesikhali noma izinto ezakhiwa ngabantu. Ngakho-ke, noma kuthiwa baqamba amanga - sinabo ubuchwepheshe bokuthi singazibhekela nathi ukuthi baqamba amanga na. Vele, kwona loku esekuthiwa yi-Bantu Migration (kumbe i-Bantu Expansion) akulona lodwa uhambo lwabantu olake lenzeka emandulo, KADE sihamba zonke izingxenye nezikhotha lapha e-Afrika (KwaTu).
M'hlawumbe uma umuntu ekubuza ukuthi uke uye yini edolobheni uzothi "Yebo", akuvamise ukubuza ukuthi uye kangakhi. Nathi, uzothola ukuthi kade siyihamba iNingizimu Afrika kodwa kwabhek'wa uhambo lwethu olwenzeka ngo-200 AD kumbe u-1200 AD hhayi ngo-50 000 BC, lapho sekusekude kakhulu. Kade sakhona ezindaweni eziningi e-Afrika kodwa, kubhekwa ukuthi sikuphi manje nokuthi sisukephi ukuze sibe la esikhona manje. Nalapho abantu ababeqala ukuya khona, bafike ezinye izizwe zivele zikhona, kubunjwane kwakhiwe ubudlelwano. Izizwe zamaNguni ezafika kuqala eNingizimu Afrika zafika zenza ubudlelwane nama-San nezinye izizwana ezazikhona.
Amazwana
Thumela amazwana