Okuthunyelwe

Ibonisa okuthunyelwe kusuka ku-Disemba, 2024

Ingoma ehlukanisa unyaka.

Isithombe
Ingoma ehlukanisa unyaka k uKhozi FM  kusukela ku-1995. 👇🏿  SONG OF THE YEAR

Ipolitiki yobuhlanga.

Ngike ngibhale nge polotiki yolwimi kodwa kukhona nepolitiki yobuhlanga. KoKhenya uyozwa kuthiwa abantu bakhetha umuntu owuhlanga lakubo uma sekuyiwa kukhetho kukheth'wa umongameli. Lento idalwa yiyo i-Berlin Conference yangonyaka 1884 ekhalendeni lesiNgisi. Lapho kwathiwa kwadwetshwa amazwe amasha kwi-map yase-Afrika. Ngenxa yokuthi izizwe ezinsundu zakwaTu zanqotshwa ngezibhamu, zahamba zawavuma lamazwe kodwa izinhlanga nezilimi zalezo zinhlanga ezanqotshwa ngezibhamu zisakhona, lapho ke ekuvuka khona ipolitiki yobuhlanga ngoba izizwe eziningi zaxutshwa zonke ezweni elisha. Umuntu acasulwe wumuntu wolunye uhlanga, ajikele bonke abalelo hlanga lalomuntu omucasulile. KoYurophu ikhona indaba yobuhlanga kodwa bona bayihlakaniphela ngokuthi izinhlanga qobo zibe yizizwe kuthi ezindaweni ezinezizwana ezazizibusa kube yimikhandlu nezifundazwe. KoSipeyini bonke bakhuluma ulwimi olufanayo - kumbe olucishe lufane - kodwa izizwana zihlala ezindaweni eziyizifundazwe ezizakhelayo imithetho......

UBaba wami...

Isithombe
Nayi indoda eyangizala. Indoda eyaseNqabeni ngaseZinqoleni. Lapho oMpofana abafudukela khona ezikhathini zempi. Yafundisa yaze yaba wusekela thishanhloko esikoleni owayefundisa kuso. Yaba nezimoto ezimbili (engazishayela zombili), yaba neziqu (i-degree) enyuvesi. Wayengunozinti kunobhutshuzwayo, waphinde wadlala i-tennis. Indoda lena uMnu. T. V. Mpofana yashada, yanezingane ezimbili ezazalwa ePhumula (e-Murchison).  Lendoda yasuka eNqabeni yahlala eGamalakhe ngezikhathi zobandlululo. Yaqeda izifundo zayo eMpumalanga ngaseThekwini. UBaba wayo, umukhulu wami, wazalelwa eNqabeni kodwa waya kohlala e-Mount Ayliff eMpuma Koloni. Umukhulu wabuya sezolima eNqabeni lapho ewashonela khona. Elima ngogandaganda enemfuyo, eya kodayisa izithelo ngenqola ko-Paddock. 

Inkondlo yesiSwahili.

Kimbunga 1. Kimbunga mji wa Siyu, kilichowahi kufika Si kwa yule wala huyu, ilikuwa patashika Kimeing'owa mibuyu, minazi kunusurika Nyoyo zilifadhaika. 2. Yalizuka majabali, yakabirukabiruka Zikadidimia meli, ngarawa zikaokoka Kimbunga hicho kikali, mavumbi hayakuruka Nyoyo zilifadhaika. 3. Nyumba kubwa za ghorofa, siku hiyo zimeruka Zikenenda kwa masafa, kufikia kwa kufika Vibanda vyao malofa, vyote vikasalimika Nyoyo zikafadhaika. 4. Chura kakausha mto, maji yakamalizika Pwani kulikuwa moto, mawimbi yaliyowaka Usufi nusu kipeto, rikwama limevunjika Nyoyo zikafadhaika. 5. Kuna kikongwe ajuza, viumbe kimewateka Hicho kinamiujiza, kila rangi hugeuka Wataokiendekeza, hilaki zitawafika Nyoyo zikafadhaika.  Isivunguvungu 1. Isivunguvungu sake safika edolobheni laseSiyu Akusindanga naloya nalona, kwakuyisiphithiphithi. Kwasiphuka izihlahla zemisenge, kwasinda izihlahla zamasundu Izinhliziyo zigijima. 2. Kwagungquka amatshe, eqengeleka phansi njalo Imikhumbi icwila, kwasinda izikebhe Yiz...

Okudala amazinga wokushisa aphakame emuhlabeni nezixazululo.

Isithombe
Okudala amazinga wokushisa aphakame emuhlabeni jikelele :  • Ukushis'wa kwamafutha ambiwa phansi kwomuhlaba (kanye nogesi wamalahle).  • Ukuphela kwamahlathi.  • Imfuyo.  Izixazululo :  • Kunokuthi kusebenzis'we u-petrol singancama izimoto ezisebenza ngogesi, izitimela namabhasi asebenza ngogesi welanga kanye nama-truck asebenza ngalo ihwanzi kumbe ugesi welanga nawo. Ekwenzeni ugesi esiwusebenzisa emakhaya nasemadolobheni singasebenzisa ugesi womoya nowelanga bese amazwe anezimali naphambili kwezobuchwepheshe, asebenzise ugesi wenuzi.  • Amahlathi angangabhubhiswa aqedwe nya izihlahla, kutshalwe izihlahla (ekungezona ezamanye amazwe/ezokufika) ukuzwe zithathe indawo yalezi ezisikiwe.  • Imfuyo inzima ukuthi ingalungiswa indaba yayo ngoba inyama sizohlezi siyidinga. Kodwa mhlampe kunokuthi siyidle njalo, singayidla kabili ngesonto njengamazwe aphesheya. Kunokuthi kudliwe inyama yezilwane ezinkulu, kudliwe inyama eyezilwane ezin...

Uyise wengane...

Thina sizwe esinsundu sinenkinga eyodade abathathekayo, badlale abafana... Kanti futhi labantu abalala nabo odade abancane bavamise ukungabi nazo izimali zokukhokha inhlawulo. Kuthi uma ubaba wengane seyishiyile intombazane, ijike ifune umuntu wesilisa ozokhulisa lengane. Ninenkingeni ke nina enibukeka engathi nime kahle, ngoba lentombazane ezobukela nina ukuthi benifanele nibe wubaba walengane. Kanjani futhi? Lenkinga inaso isixazululo, manje azisekho izinkomo emalokishini nasemadolobheni kanti futhi amadoda afisa ukuba nezingane nokulala nosisi abancane. Kuzothiwani-ke, ngaphandle kwokuthi iyekwe indaba yenhlawulo nezinkomo kushadwe isilungu? Ngoba sekuvele kuphil'wa isilungu.  M'hlasimbe kuyohambe umuntu abone isiSulumane sifanele. Odade bafihliwe, bangayiswa ezindaweni zemfundo, uma bephuma - baphume nomuntu wesilisa wakubo kuphela. Bakhishwe bahambe ukuphela endlini odade mihla kwafika umuntu ofuna ukushada nezinkomo ziphelele. 

Ulwandle lwethu.

Isithombe
Ngibuye ngiqaphele lolulwandle oselungcola kanje. Kudlula imikhumbi njalo kulolulwandle kanti ngezinye izikhathi, lemikhumbi ibuye icithe ekuthwele. Ngezinye izikhathi lemikhumbi isuke ithwele amafutha ayowenziwa u-petrol kumanye amazwe. Lokungcola okukhona manje kodwa engathi kubuye kudalwe yinemifula, kukhona okufaka ukungcola emifuleni kuphelele olwandle. Phezu kwaloku futhi kukhona izintambo ezingaphansi kwolwandle ezidala inxumano ezweni lonke jikelele. Zingagqashulwa wokungahamba ngaphansi kwolwandle uma singanakile. Asazi noma uhulumeni ulibhekile na lolulwandle... Ngoba kubuye kudingwe izikebhe ezizohambela kude ukuqalaza olwandle ukuthi akekho yini ophula imithetho nakhona.