Okuthunyelwe

Engathi kukhona abadidisayo...

Isithombe
Empeleni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu, nasemsakazweni angikaze ngizwe kuthiwa yinsangu. Ngokwazi kwami  yinsango . Loku okuthi yinsangu kwafika maphakathi kwonyaka wa-2017 kuye kunyaka wa-2021... manje abantu ngibona beqhubeka bebhala bethi  insango  njengenjwayelo kusukela kunyaka wa-2024. Ngoba  insangu  engathi kumele kube wuhlanga labantu oluthile. Nakwezinye izilimi zesiNguni kuthiwa yinsango.  Ngazi kuthiwa wumongameli kusukela kudala, kwathi futhi ngonyaka wa-2016 kwaba khona abantu abaqala bethi wumengameli. Yini umengameli? Ngoba leli gama lisuka egameni elithi umuwongameli (owonga izwe elithile). Umengameli ke ngeke sazi ukuthi yini. Ngoba nakwisiNdebele wumongameli.

Amagama ahlobene.

Amagama odinga ukuwazi ukuthi ahlobene kumulando wesintu nesiNguni.  Igama mbo-/-mbo-/-mbo :  • Ukumboza ~ Ukufihla noma ukuvalela into ethile. • Ilumbo ~ Yinto exakayo engajwayelekile, evamise ukuhlobaniswa nokuthakatha. | Into evamise ukuvela njalo kodwa kayijwayeleki.  • Kwathi mbo! ~ Ukwehlel'wa wubum'nyama. | Ukwehlulwa/ukumboz'wa/ukuvalelwa yinto.  Igama qa-/-qa-/-qa :  • Inqaba ~ Ukuhlangana kwezinto/izinhlanga eziningi. | Inkinga noma impica.  • Ukunqaba ~ Ukuphikisa, ukungavumi noma ukuvimbezela.  • Ukuqala ~ Ukususa into noma ukuba wuwena wedwa ukufika nento ezweni.  • Umuqala ~ Yilungu lomuzimba elibambe ikhanda ukuthi lixhumane nomuzimba.  • Izingqa ~ Umumumva. | Indunu.  Igama zi-/-zi-/-zi :  • Us'wazi - Um'zaca/induku encane esetshenziswa ukushaya izingane ezigangayo noma ezonakele.  • Us'uwazi? ~ Use uwazi?  • Ulwazi ~ Ukukhumbula izenzo nezinto ezithile zomuhlaba. • Ukuziyela ~ Ukuhamba uye endaweni....

Izigodi ezikhethekile neningi labantu abahlala kuzo.

Anginaso isiqiniseko sokuthi yisibalo sabantu esangomuphi unyaka lesi kulezi zigodi kodwa ngisola ukuthi ngesangonyaka we-2021.  EThek'wini ~ 3 100 000  KwaMagebhula / KwaMpanza ( Soweto ) ~ 1 700 000  Em'gungundlovu ~ 751 000  E-Benoni ~ 605 000  EThembisa ~ 512 000  EMadadeni ~ 405 000  Um'lazi ~ 404 811 E-Brakpan ~ 306 000  Emalahleni ~ 262 000  EMandlazini ( Richard's Bay) ~ 253 000  E-Vanderbijlpark ~ 247 000  KwaThema ( Springs ) ~ 186 000  EM'hluzi ( Middelburg ) ~ 155 000  Ebaqulisini ( Vryheid ) ~ 150 000  Embalenhle ~ 142 000  E-Nigel ~ 141 000  EMpumalanga ~ 140 000  E-Secunda ~ 114 000  Kwadukuza - 105 000  ENtabazwe ~ 103 000  EM'nambithi ~ 91000  EM'bango ( Port Shepstone ) ~ 87000  EM'zim'hlava ~ 85000  EShay'ingwe / EThalana ( Dundee ) ~ 83000  The Zulu World

Ukuma kwomuhlaba.

Isithombe
Ukuma kwomuhlaba ("Geography" ngesiNgisi). Intaba: Yitshe elikhulu kunawo wonke elibheka esibhakabhakeni. Ulwandle: Yindawo enamanzi amaningi amuncu, angaphuzeki.  Impophoma: Yindawo lapho umufula ephumela emaweni. Intaba yeqhwa: Yiqhwa oluqine kwaze kwadlula isikhathi eside laqoqana laba njengentaba. Intabamulilo: Yintaba ephuma itshe elincibilikile, elikhanyayo, elibomvu njengomulilo.  Isiqhingi seqhwa: Isiqhingi seqhwa, yiqhwa oluqoqene oluningi oluvamise ukuntanta olwandle.  Umufudlana: Wumufula omuncane ovamise ukuhlangana neminye imifudlana kwenze umufula.  Inkundla yeqhwa: Yinkundla eneqhwa / uthafa oluneqhwa.  Impumamusi: Wumugodi ovamise ukuba phansi ekuphuma umusi / umuswakamo ngamandla.  Isigodi: Yindawo evulekile evamise ukukekelwa yizintaba.  Igquma: Yintaba encane evamise ukuba yisihlabathi kakhulu kunoba ibe yitshe.  Isigumbo samanzi: Yindawo ekugumbe khona amanzi, akhukhula indlela phakathi kwezintaba.  E...

Kuhlezi kukhal'wa njalo...

Ngibona izinhlelo lana kumabonakude nasemsakazweni, abantu abansundu bakulezwe bahleli bezokhaliswa yizinto ezinkulu bese bajabuliswe ngokuncane. Inkinga bathi wukucwas'wa ngobala nenkohlakalo kubaholi kodwa sijabulis'wa ngebhola notshwala. Wokuphi okukhulu nokubalulekile kanti? Uboqaphela; kuhlezi kukhona izinkinga ezizohlezi zivela ziphinda minyaka njalo kulezwe. Iziphathimandla zethu azikaze zithi cwaka zenze umusebenzi ngohlelo okwaseJalimani. Siyohlezi sikhala, kanti futhi kukhalwa ngezinkinga esisaba ukuzixazulula - ezizophinde zivele futhi. Oyothi, "Vele kuyindalo, kumele kubenjalo" kuyobe yingoba kukhona akutholayo abanye befukuza. Thina kumele sizibheke ukuthi sisukaphi nokuthi sifuna ukuyaphi kusasa ukuze sakhe ikusasa kumanje.

Isiqhingi se-St. Helena

Isithombe
Lesi yisiqhingi esime phakathi nolwande lwe-Atlantic, esiseduze neziqhingi zase-Ascension nase-Tristan da Cunha. Yilapho ekwadingiswa khona iSilo saseFuransi u-Napoleon.  Isiqhingi se-St. Helena sibuye saziwe njengesiqhingi ekwayiswa khona iSilo uDin'izulu kaCetshwayo neSilo uPhumuz'uZulu Solomon kaDin'izulu.  ISilo uDin'izulu kaCetshwayo sadingiswa e-St. Helena ngonyaka we-1889 ngemuva kwokuthi siboshelwe icala lokujikela izwe lamaNgisi nodlame. Wahlala khona iminyaka ecishe ibe yisishiyagalombili, waze wakhululwa ngonyaka we-1897 lapho izwe elashiyiwa ngamaNgisi njenge-Zululand lihlanganiswa nekoloni ye-Natal. Ngesikhathi esasekudingisweni wayevumeleke ukuthi abe nebandla labantu abangamashumi amabili, ekwakuhlangene namakhosikazi wakhe nomalume bakhe. Wahlalisana nomuphakathi wase-St. Helena waze wafunda ukubhala isiNgisi nokudlala uphiyano no-organ.  ISilo uDin'izulu kaCetshwayo.  ISilo u-Solomon kaDin'izulu wazalelwa khona esiqhingini sase-St....

Ukubala imininingwane kwezemidlalo.

Ngisanda ukuzwa enye into ekhathazayo lana; emidlalweni - kakhulukazi eyezikole - ababala imininingwane yomudlalo bavamise ukungabali kahle. Uma kugijinywa iwashi basheshe baliqale ukuze um'gijimi kube engathi ugijima kancane bese kuthi kwigaqa lakunobhutshuzwayo kumbe eminye imidlalo edlalwa ngegaqa bangabali kahle amaphuzu uma bengamuthandisisi umudlali othile. Ngaloku, ngixwayisa ukuthi uma ingane yakho kumbe wena qobo ufuna ukuba wumudlali ozoba semabangeni aphezulu, ahola imali, kukhulunywe nangamankontileka - uzibalele amaphuzu, uziqophe nokuthi udlala kanjani. Ngoba kuyenzeka ubalelwe amaphuzu wumuntu okuzondayo. Nabo abadlali asebefikile emabangeni aphezulu wezemidlalo kuyobasiza ukuziqopha uma bedlala, bazibheke ukuthi basize kangaphi ekutholeni amaphuzu nokuthi basize kanjani emidlalweni kunokuba bayekele abanye ukuthi bababalele. Ngoba kuyenzeka kube namaphutha nokuthi kungabal'wa kahle ngenxa yezizathu ezehlukene. 

Ngeke sibenze lutho...

Kukhona amazwe afuna ukusenzela phansi njengabantu abansundu ezwenikazi lakwatu (e-Afrika). Loku bakwenza kalula ngokuthenga abaholi abaphethe izwe. Uzozwa um'holi ebizelwa phesheya, kukhulunywe okuningi okufihliwe kwizintatheli, ubone sekuthiwa igolide, i-platinum nokunye kuyiswa ezweni elingaphandle kungakhokhiwanga lutho.  Amazwe aphucukile phesheya asebenzisa um'notho nezikhali ukuloku enyonyoba ezama ukuthenga abaholi base-Afrika. Uma bevuma ukuthi bathengwe labaholi bethu, bayanconywa phesheya - uma bephika, ubona sekuthiwa kunamahlazo aphumayo ngabo, kuthiwe banenkohlakalo kumbe bantshontsha izimali nokunye. Kumele siqaphele.  Ngeke sibenze lutho vele njengamazwe angaphucukile kwatu, ngoba kunamazwe asidlula kakhulu kwezomunotho nezikhali. Siphila ethembeni lokuthi abaholi bethu ngeke basidayise.  Isibalo esingaphezu kwesigidi sabantu safa ngenxa yengculaza eNingizimu Afrika.

Iqiniso lamahhala.

Isithombe
Ngike ngibone abaholi e-Afrika bekhuluma, ngamazwi akhanyayo, ngabaholi abakwamanye amazwe. Asazi noma bayabona yini ukuthi labantu baqala ngokuzibheka bona namazwe abo bengakanaki amanye amazwe. Baqala ngokwakha um'notho, ukudla, ezobuchwepheshe nezikhali emazweni abo bese benaka amanye amazwe kamuva. Thina sinakana nazo zonke izinhlanga ezingeke zisisize ngalutho kunokuba siqondane nokuthi yini ezosiza thina mathupha - bukhoma. Sinakana nezinto ezilena kude nathi. Sinakana nomakhelwane nemigwaqo engale kwezwe kodwa siyalamba. Kasihlelekile. Izwe liqalwa:  1) Ngemincele.  2) Ukuzivikela (amasosha).  3) Ezolimo nemfuyo.  4) Ukuqiniseka ukuthi wonke umuntu unendawo yokuhlala.  Okuza emuva kwaloku, kuzoya ngokuthi izwe nezwe lizifunelani lona. Ukuma kwamabhangi, ezokuthutha nezobuchwepheshe kufika sekuqinisekisiwe ukuthi izwe alimane lingenwe yinoma wubani nje mawala. Manje uma sizonaka okwamanye amazwe, okusibiza izigidi zezimali, kusihlekisa ngamazwe aphucukile....

Umuntu om'nyama akamuthembi omunye umuntu om'nyama.

Kungekudala, bekukhalwa ngokuthi lapha endaweni y e-SADC sithenga izinto phesheya esivele sinazo emazweni ethu. Bayakhala manje bathi, "Yini singathengi kubantu abansundu, sincame eMelika, Eshiya naseYurophu." Yini edala wena njengo muntu onsundu uthembe into epheth'we wumuntu wolunye ubala, ungathembi into epheth'we womunye umuntu onsundu? Asihlelekile njengabansundu noma kudalwa wukuthi abam'hlophe bahleleke kangcono? Uma kunjalo njengosomabhizinisi noma isisebenzi esinsundu, kumele udale ukuthi uthembeke. Asiwathembi amafutha ako-Angola ngoba asiboni ukuthi benza njani ngokuqhathanisa ngendlela ekuhluzwa ngawo amafutha kumazwe anjengoSawudi Arabhiya. Kumele senze ngendlela ebonakalayo nengacashile ukukhombisa ukuthi asenzi izinto ngendlela ekungeyona ngoba sesiyazi ukuthi kasithenjwa. Ngoba uma uzofika uwuwena nje njengomuntu onsundu, kumele wazi ukuthi awuthembeki kubantu abazonke inzinhlanga namabala zisuka. Kumele sifike nomuqondo wokuphika icala zisuka nge...

Izelaphi zendalo.

Isithombe
• Uju lusiza emagcikwaneni.  • Uju luyasiza ekupholiseni izilonda.  • Uju luyasiza uma ukhohlela noma kubuhlungu umuphimbo.  • Uju luyasiza ekuvimbeleni ukungcola okusemuzimbeni kungawulimazi umuzimba.  • Uju luyasiza uma unezilonda esiswini noma uma isisu siba nomoya.  • Uju aluboli.  • Amathonsi oju amubalwa ayakwazi ukuvala isikhala sokudla sosuku olunye.  • Intsango isiza ekulapheni izinhlungu.  • Intsango isiza uma ugula uphalaza.  • Intsango isiza uma unokukhathazeka noma ungakwazi ukulala.  • Intsango isiza uma kulimele ingqondo okudala ukujuxuza kwomuzimba.  • Amafutha enziwa ngensangu ayawulapha umudlavuza.  • Isithombe ngezansi sikhombisa okunye okwakhiwa ngentsango.  OKUNYE OKUNGASISIZA UMA SIKUTSHALA/SIKUSEBENZISA: 

Engathi kunzima ukuba yiphoyisa.

Abanye bake bafise ukuba ngamaphoyisa ngoba befisa ukubamba um'thetho, babophe abafisa ukubabopha. Kodwa engathi akulula ukuba yiphoyisa. Kuyaziwa ukuthi ezindaweni ezinobugebengu izinga lokufa kwamaphoyisa livamise ukuba phezulu. Izigebengu zike ziwanake amanye amaphoyisa ukuthi ahlalaphi nokuthi ahamba ziphi izindlela ukuze ziwagebenge noma ziwabulale. Uma ufisa ukuba yiphoyisa, engathi kumele uzilungisele ukubhekana nezigebengu ezinezibhamu nezinobuchwepheshe. Lapho futhi kumele umelane nemibhikisho evamise ukuba nomusindo nodlame. Yingakho, ngokubona kwami, ukuqeqeshwa kwamasosha namaphoyisa kumele kufane ngoba womabili amasosha namaphoyisa ababuye babhekane nezimo ezifanayo.  Amaphoyisa athele othulini abalisa abane ‘abayingozi’ eMlazi

M'hlasimbe akunakekile, kodwa kukhona izinkomba...

Isithombe
Engikusolayo wukuthi abam'hlophe sebebonile ukuthi ubuningi kwabantu abansundu eNingizimu Afrika libanqobile. Ngakho-ke sebecabanga ukuzakhela izwe labo elihlukene neNingizimu Afrika, lapho abazozishayela khona imithetho, baphile ngendlela yabo.  Bekusezindabeni ukuthi abe-Afriforum basezinkulum'weni noMongameli u-Trump eMelika mayelana nesimo abaphila ngaso eNingizimu Afrika.  Kungenzeka abam'hlophe eNingizimu Afrika baphiwe izikhali wu-Trump uma behlangana nempi eNingizimu Afrika.  Loku kusho ukuthini kuthina sizwe esinsundu?  Kungenzeka ukuthi kube namazwe amabili amasha. Ukuthi kuzophela-nya ngeNingizimu Afrika na, ngeke sibe nesiqiniseko.  Kungenzeka ukuthi abansundu basale nengxenye esempumalanga neNingizimu Afrika kuphela uma abaholi bezwe bengayifuni impi.

Kumanje, angikholwa ukuthi into enjena yake yenzeka.

Isithombe
Yonke into ehlangene nomengameli odlule, u-Jacob Zuma, inokungabazisa. Kusukela kwimfundo yakhe, ukufa kuka-Chris Hani, yizikhali owazithenga eFuransi kanye nesithabathaba sendlu eseNkandla. Bengeke sazi ukuthi kuyophetha ngalendlela . 

Balahlekelwa kanjani abaseHolendi yidolobha laseKapa?

Kuchazwe wu-A. I. :  I-Netherlands elahlekelwe yidolobha eBrithani ngesikhathi sezimpi zeNapoleonic. Nakhu ukubuka okufushane: Ukusungulwa kwe-Dutch East India Inkampani yaseCape Town Ngo-1652, i-Dutch East India Company (VOC) yasungulwa eKapa njengesiteshi sokukhulisa imikhumbi ehamba phakathi kweNetherlands nase-Asia. Umsebenzi waseBrithani phakathi kwezimpi zaseFrance nezimpi zama-napoleonic Ngesikhathi sezimpi zaseFrance nezimpi zaseNapoleonic, amaBrithani afuna ukuvimba isiFulentshi ukuthi sithole ukulawula kwekoloni le-Strategic Cape. Ngo-1795, amabutho aseBrithani ahlala eKapa, futhi ukulawula kwe-Dutch East India Company kumiswe okwesikhashana. Isivumelwano sama-Amiens kanye nokubuya kokulawulwa kwamaDashi Ngaphansi kwesivumelwano se-Amiens (1802), iKapa ibuyiselwe kulawulo lweDashi. Kodwa-ke, lokhu kwakuhlala isikhashana, njengoba izimpi zeNapoleonic ziqala kabusha ngemuva kwalokho. Umsebenzi we-British Re-Opent kanye nesivumelwano se-Anglo-Dutch sika-1814 Ngo-1806, amabut...

Izinkathi zonyaka.

Isithombe
Um'hlaba njengoba uzungeza ilanga kanye ezinsuk'wini ezingama-365 (365 1/4 noma  365.25  ngokubala kwabafunda ngezemikhathi), uzungeza utshekile okudala ukuthi izinsuku zibe zimfushane kumbe zibe zinde ngezikhathi ezehlukene zonyaka.  Umuhlaba uyindingiliza uma utshekile emikhathini. Izinsuku ezim'qoka ngonyaka  (kwikhalenda lesiNgisi)  esivamise ukuziqaphela yilezi :-  21 kuNdasa : Um'hlaba usuke umaqondana isisu nelanga, ingxenye eseningizimu nengxenye esenyakatho zibhekene nelanga ngokulingana. Ubude bezinsuku zengxenye esenyakatho nom'hlaba bulingana nengxenye eseningizimu nom'hlaba. Loku sikwazi njengenkwindla.  21 kuNhlangulana : Kusuke kutsheke ingxenye esenyakatho, itshekele elangeni, okudala izinsuku zengxenye eseningizimu nom'hlaba zibe zimfushane. Loku sikwazi njengobusika.  21 kuMandulo : Zisuke zibhekene nelanga ngokulingana izingxenye ezasenyakatho naseningizimu zom'hlaba futhi, okudala izinsuku zilingane enyakatho naseni...

Safa saphela isizwe...

Isithombe
Safa saphela isizwe esim'nyama...   Ukuze nizondwe yizizwe sizwe esinsundu, anike nizinuke amakhwapha nibheke ukuthi akusilo yini iqiniso loku abakushoyo ngani.  Abanye bazokuphikisa ubatshela ukuthi utshani likuhlaza belibona likuhlaza.  Ewu... vukani ma-Afrika... vuka zwekazi lakwaTu.   Isisho...

Ikhalenda lethu.

Isithombe
Yilona phepha eliveza isikhathi sonyaka (i-calendar) lethu leli. Sekushoda kwona ukuthi isikhathi kube wu-GMT+4 ngesikhathi sehlobo bese kube wu-GMT+2:30 zonke ezinye izikhathi zonyaka.  INCAZELO UKUBALA ISIKHATHI SONYAKA Inyanga iyisikhathi esithathwa yinyanga egcwele ukuthi ibe yinyanga emnyama. Loku kuvamise ukuba yizinsuku ezingama- 28 .  Isikathi esidlulayo ukuze umuhlaba ajikeleze ilanga, kuyizinsuku ezingama- 365,25 .  365÷28= 13,0357... kunezinyanga ezingama- 13 enyakeni owodwa.  28 (izinsuku zenyanga) × 13 (izinyanga) = 364 izinsuku kunyaka.  Kodwa ngoba uma senza zibe ngama-364 izinsuku kunyaka, kuyohamba kweqane kancane njalo ngonyaka kuze kweqane kakhulu ngokuhamba iminyaka. Yingakho kubalulekile ukuwenza unyaka abe yizinsuku ezingama-365 bese kwengeziwe usuku kunyaka owodwa njalo eminyakeni emine ukuqhaphela isibalo sezinsuku ezikunyaka sezabafundi bemikhathi, ezingama-365,25.